![]() |
Ipheji labakhuluma isiZulu | ||
|
IsiZulu sibalulekile kepha awekho amapheji amaningi ngesiZulu kepha 22.4% wabantu baseSouth Africa bayasikhuluma isiZulu. Uma sihlanganisa lesisibalo nalesi sabobonke abakhuluma isiZulu njengulimi lwesibili sithola ukuthi inxenye ewu77% wabantu baseSouth Africa abasebenzisa isiZulu1. Abakhuluma isiNgisi ekhaya bayinxenye ewu9.1% kuphela nabasisebenzisa, 20%. Okwamanje iningi labasebenzisa iInternet eSouth Africa abelungu, nabanye abasizebenzisayo bayasikhuluma isingisi. (Iphephandaba, iMail & Guardian, lithi ebantwini abansundu emadolobeni aseSouth Africa 1% kuphela basebenzisa iInternet2.) Isizathu salokhu singukudula kwama-computer kanye nokudula kwocingo. Baningi abathi manje ukuthi ulwazi lungamandla. Kubalulekile ukuthi iningi labantu eSouth Africa, kakhulukazi abafundi, babenamathuba okusebenzisa iInternet. Siyethemba ukuthi masinyana izikhole zethu zizoba nama-computer.? Uma sihlanganisa labafundi kanye nabanye abasebenzisa ama-computer ekhaya noma emsebenzini abakhuluma isiZulu abasebenzisa iInternet bazokhuphuka. I-constitution yethu ithi izilimi zethu eziyishumi nanye zifanele ukuba nezinga elilingene. Lokhu kushukuthi uhulumeni namabisinisi aseSouth Africa afanele ukusisebenzisa isiZulu.? Kepha uma ucinga amapheji ngesiZulu, ngisho ezikahulumeni noma ezamabisinisi amakhulu njenguTelkom, awekho. Kunjalo futhi nezinhlangano zepolitiki, Inkatha (evela KwaZulu!) iANC, neNP. Onke amapheji awo angesiNgisi noma isiBhunu. Mina ngithi ihlazo ukuthi iFreedom Front (ezicaza njengeqembu lama-Afrikaner) kanye ne-Democratic Aliance anamapheji esiZulu kanti iIFP ayinawo! Ipheji leSABC lithi ukuthi uKhozi FM uyistashini yeradio enkulu kunazozonke emhlabeni ningizimu (iAustralia, iAfrikha, nenigizimu Amerikha.) Singacabange ke ukuthi uKhozi FM unepheji lesiZulu. Yebo, banepheji, kodwa lingesiNgisi. Indlela eyodwa yokucindezela uhulumeni namabisnisi ukusebenzisa isiZulu eInternet singukuwabhalela ama-email.? Kubalulekile futhi ukuvakasha lamapheji angesiZulu ukubakhombisa ukuthi kunesidingo sokuqubeka nokuwabhala.
![]()
1 Government Gazette, Vol. 407, No. 20098, 28 May 1999, PANSALB's position on the promotion of multilingualism in South Africa.
|
?003 Benjamin Fredlund 09/12/03 |